2 iziKronike 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20201 Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20241 Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.