Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.


URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.


Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”


Naye uJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli azenzileyo.


Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.


Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.


“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:


Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.


Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?


Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


“UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.


IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ