Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu, abantu bakwa-Israyeli; phindelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva, kabamhlasela uJerobhowamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka niyokulwa nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kwenziwe kimi. Bawalalela amazwi kaJehova, babuya ekulweni noJerobowamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 11:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.


Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.


U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”


Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”


“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:


Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.


Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ