Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngemva kwabo bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli beza eJerusalema labo ababebeke izinhliziyo zabo ekufuneni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze bahlabele uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 11:16
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.


UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”


Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.


Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo,


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.


Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.


Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.


Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,


Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu; ngizakuhlabelela, ngihube, ngisho nomphefumulo wami.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.


Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.


Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: ‘Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova Sebawoti; nami ngiyakuhamba.’


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele* likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ