Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe, Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi wonke uIsrayeli esebonile ukuthi inkosi kayibalalelanga, abantu baphendula inkosi, bathi: Silesabelo sini kuDavida? futhi asinafa endodaneni kaJese; yilowo nalowo makaye ematendeni akho, Israyeli! Manje, Davide, gcina indlu yakho. Khona-ke wonke u-Israyeli waya ematendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 10:16
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwafika umbiki kuDavide, wathi: “Izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli zilandela u-Abisalomu.”


UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”


Ngiyakuyiqinisa endlini yami nasembusweni wami kuze kube phakade, isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe kuze kube phakade.’ ”


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.


U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


“Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.


Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.


Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali* onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.


Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,


UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ