Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakusho kubo kanje ukuthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Izinsizwa ezingontanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izinsizwa ezikhuliswe kanye naye zakhuluma kuye, zathi: “Uzabaphendula kanje abantu abakhulume kuwe, uthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu laba nzima, kepha ulenze libe lula kithi; ngakho-ke uzothi kubo: Ucikicane wami uyakuba mkhulu kunokhalo lukababa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 10:10
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”


Wathi kuzo: “Nina niluleka ukuba sibuyise mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”


Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.


Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula.


Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.


Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.


Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ