2 iziKronike 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20202 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20242 USolomoni wakhuluma ku-Israyeli wonke, ezinduneni zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.