Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 INkosi yasisithi kuSamuweli: Lalela ilizwi labantu kukho konke abakutsho kuwe, ngoba kabakulahlanga wena, kodwa bangilahlile mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 8:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezwanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


‘Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela, kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuwe, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe, nimdedele, akhululeke kini.’ Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.


UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”


“Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.


UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”


kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”


USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.


“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.


UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi.” USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani niye, kube yilowo nalowo emzini wakini.”


Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ