Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 AmaFilisti ehlulwa; awaphindanga angena emingceleni yakwa-Israyeli ngezinsuku zonke zikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 7:13
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ