Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 7:12
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.


UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.


Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.


Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.


Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka,


owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.


USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.


Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ