Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 6:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Niyokwenza imifanekiso yamathumba enu anihlasele nemifanekiso yamagundane enu ahlasele izwe, nimnike udumo uNkulunkulu ka-Israyeli, hleze asenze sibe lula isandla sakhe phezu kwenu, phezu konkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngalokho niyakuzenzela izithombe zabagayi benu nemifanekiso yamagundane enu abhubhisa izwe; futhi kumelwe nimkhazimulise uNkulunkulu ka-Israyeli; mhlawumbe angasenza lula isandla sakhe kini, nakonkulunkulu benu, nasezweni lenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 6:5
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.


Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.


Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*


Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngomiyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.


Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.


Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.


Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.


nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo, niyimukise, ihambe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ