Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni kanye nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yamathumba abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Babeka umphongolo kaSimakade enqoleni nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yegolide yamathumba abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni, nebhokisi elinamagundane egolide nemifanekiso yezimpondo zabo eziloliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 6:11
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha.


Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


Abantu benze njalo; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,


Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.


Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ