Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Alwa ke amaFilisti, wahlulwa u-Israyeli, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; futhi kwaba khona ukubulala okukhulu kakhulu; ngoba kwa-Israyeli kwawa amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ayimigundatshani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 4:10
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.


Abantu bakwa-Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide, kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku, abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili.


Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho, Israyeli, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.


Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”


UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.


UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa.


“ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngiyakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.


AmaFilisti azihlela ukuhlangana no-Israyeli; impi yaqhubeka, u-Israyeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ