Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 30:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sahlasela eningizimu yamaKrethe, nasogwini lwakwaJuda, naseningizimu yakwaKalebi; sayishisa iSikilagi ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 30:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.


Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;


uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani, lizwe lamaFilisiti. “Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”


UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe.


Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.


Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.


Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.


Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,


UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.


UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?” Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”


Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ