Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngiyakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 USimakade wathi kuSamuweli: “Bheka, ngizokwenza into kwa-Israyeli okuyothi bonke abezwa ngayo, ihlale inkeneza kuzona zombili izindlebe zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngizakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 3:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho.


Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa; nangokumbona nje uyawiswa phansi.


Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,” kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.


ngalokho ngiyakubuye ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo, izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


“Bonani phakathi kwabezizwe, nibheke, nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa.


abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.


“ ‘Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayikukholwa yiwo, nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”


UJehova wafika, wema, wambiza njengakwezinye izikhathi: “Samuweli, Samuweli!” USamuweli wathi: “Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.”


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ