Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 29:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abantwana bakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 29:1
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.


Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.


Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.


Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


“Nango-Izebeli uJehova wakhuluma, wathi: ‘Izinja ziyakumudla u-Izebeli ngasogangeni lwaseJizreyeli.’


UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.


Babuya, bamtshela. Wathi: “Nanti izwi likaJehova owalikhuluma ngesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli;


noGebali, no-Amoni, no-Amaleki, neFilistiya nabakhile eTire.


inkosi yase-Afeki: inye; inkosi yaseLasharoni: inye;


Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”


Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,


ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.


Kwabuthana bonke abakwaMidiyani, nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.


UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.


wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.


AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.


Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ