Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 28:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti aqoqa amabutho awo ukuba aphume ayokulwa no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi ngokweqiniso ukuthi uzophuma impi nami, wena nabantu bakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba alwe no-Israyeli. Wayesethi u-Agi kuDavide: “Yazi impela ukuthi uyakuphuma nami ukuya empini, wena nabantu bakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 28:1
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi.


U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”


AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.


AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ