Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 27:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bawahlasela amaGeshuri, namaGesri, nama-Amaleki; ngoba lezo zizwe zazingabakhileyo bezwe kusukela kudala lapho ufika eShuri kuze kube sezweni laseGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 27:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wamletha u-Abisalomu eJerusalema.


U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”


Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase-Aramu sokuthi: ‘Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.’ ”


Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni, zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni, ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.


eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri;


e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.


OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.


UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.


Kwase kufika u-Amaleki, walwa no-Israyeli eRefidimi.


U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”


Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.


ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


“Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,


Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.


Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.


U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.


Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ