Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kodwa umuntu wasukuma ukukuxotsha lokudinga umphefumulo wakho; kepha umphefumulo wenkosi yami uyakuboshelwa emshungwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; nemiphefumulo yezitha zakho iyoyiphonsa kungathi iphakathi kwendwayimana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:29
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”


Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.


Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.


Ngokuba abafo bangivukele; izidlova zifuna umphefumulo wami; azimbekile uNkulunkulu phambi kwazo. Sela*


ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”


“Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.


Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ