Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 “Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:26
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.


Inkosi yathi kumKushe: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?” UmKushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.”


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.


Kwathi izitsha sezigcwele, wathi endodaneni yakhe: “Sondeza kimi nesinye isitsha.” Kepha yathi kuye: “Akusekho sitsha.” Amafutha anquma-ke.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.”


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


UDavide wasuka khona, waya eMispa lakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ake beze ubaba nomame, bahlale kini, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.”


Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ