Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UNkulunkulu uyakwenza lokhu futhi enezele ezitheni zikaDavide, uma ngithungela odongeni konke okwakhe ekuseni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:22
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.


Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.


‘Bheka, ngiyakukwehlisela okubi, ngikukhukhule, nginqume ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli;


Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu.


Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”


USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.


UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.


Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ