Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 UDavide wayethe: “Impela konke kuyize ukuthi mina ngakuvikela konke lo muntu anakho, manje usengibonga ngokwenza into embi kanje kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavida wasesithi: Isibili, mina ngalinda ngeze konke alakho lumuntu enkangala, kakuswelekanga lutho kukho konke okwakhe, wabuyisela ububi bami ngokuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:21
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esephumile emzini, engakabi kude, uJosefa wathi encekwini yakhe: “Suka ulandele lawo madoda; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi: ‘Niphindiseleni okuhle ngokubi na?


bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.


Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele.


Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.


Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo.


Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.


Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.


Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.


Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi.


ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.


UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.


Nokho labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle;


Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo.


“ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ