1 Samuweli 25:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE18 U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202018 U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202418 Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.