Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide esedlulile kancane isiqongo sentaba, bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo, zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.


Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.


Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.


Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka, nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.


Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.


UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu,


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ