Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 24:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 24:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”


uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ –


Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.


UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”


Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’


Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.


UJehova uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ