Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 24:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide? USawule waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 24:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”


UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.


U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.


Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


Ukukhuluma okuqotho kunamandla, kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na?


Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula* asezitsheni zesiliva.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.


Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”


USawule walazi izwi likaDavide, wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” UDavide wathi: “Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.”


Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ