Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Ngesikhathi u-Abhiyathara, indodana ka-Ahimelekhi, ebaleka eya kuDavide eKheyila, wehla ephethe ingubo yamahlombe ngesandla sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka ngemva kukaDavide eKehila, wehla ephethe indwangu ehlombe esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.”


“Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.


USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.


u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.


Omunye wamadodana ka-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.


Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?” UJehova wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.”


UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”


UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”


UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ