Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 USawuli wasesuka waya ngaphetsheya kwentaba, loDavida labantu bakhe bengapha kwentaba; ngoba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide namadoda akhe ukuba bababambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:26
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.”


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


Noma siyaphi, bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.


kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.


Izinkunzi eziningi zingibunganyele, ezinamandla zaseBashani zingizungezile.


Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.


Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.


Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;


Kwathiwa kumaGaza: “USamsoni ufikile lapha.” Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi; bathula ubusuku bonke, bathi: “Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.”


UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.


UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.


USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni.


Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ