Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bhekani, nibone zonke izindawo zokucasha lapho ecasha khona, nibuyele kimi impela, ngiyakuhamba nani; uma ekhona ezweni, ngiyakumphenya kuzo zonke izinkulungwane zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:23
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.


Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande.” Watshelwa ukuthi: “Bheka, useDothani.”


Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwa-Israyeli.”


Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.


Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela.


Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ