Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.


Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.


Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.


kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina;


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.”


Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”


Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla.


Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.”


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ