Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:14
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*


Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela*


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.


UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ