Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngokuba ningenzele nonke ugobe, akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese, akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba nonke ningithandele ugobe, akakho ongitshela ukuthi indodana yami yenze isivumelwano nendodana kaJese; akakho phakathi kwenu ongihawukelayo noma ongitshela ukuthi indodana yami yangikhulisa. Inceku ingivukele ukuze ibuke njenganamuhla?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:8
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”


khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,


Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.


Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”


USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ