Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wabayisa phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni yasezintabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:


Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.


Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.


UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:


Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.”


Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


UDavide wasuka khona, waya eMispa lakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ake beze ubaba nomame, bahlale kini, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.”


Umprofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda.” Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ