Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Inkosi yathi ezigijimini ezazimi ngakuyo: “Phendukani, nibulale abaphristi bakaSimakade, ngokuba nabo bahlangene noDavide, bathe bazi ukuthi uyabaleka, kodwa abaze bangitshela.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo zibulale abaphristi bakaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkosi yayisithi kwabahamba ngezinyawo ababemi nxazonke: “Phendukani, nibulale abapristi bakaJehova; ngokuba isandla sabo sinoDavide, nangenxa yokuthi bazi ngesikhathi ebaleka, bengangazisanga. Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zihlasele abapristi bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:17
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.


U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi.” Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.


Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.


ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu.” Bababulala ngosiko lwenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.


Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana.


Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.


Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho.


USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”


Inkosi yayisithi: “Uyakufa nokufa, Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.”


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ