Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 20:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Kahle.”


Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela;


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,


Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;


UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.


Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.


UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.


Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”


UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”


Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ