Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 20:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; aniyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane, makwazeke kimi; ubaba ungifihleleni le nto na? Akunjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 20:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.


Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.


INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.” Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


“Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele* lakhe.”


Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu,


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.


UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ