Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 2:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

35 Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 2:35
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.


“Ngokuba wena Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu;’ ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.


uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.


badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu. Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.


Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:


Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.


Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.


siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli, uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku.


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”


Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.


USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ