Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 2:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 “Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 2:30
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.


USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”


UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.


kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.


Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.


Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.


Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.


Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.


Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


“Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu, abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.


kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”


Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.


Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?


UJesu waphendula wathi: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


“Imithi yayisithi kuwo umkhiwane: ‘Woza wena, ube yinkosi yethu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ