Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 19:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 USawule wathuma izithunywa ukumlanda uDavide; lapho bebona uquqaba lwabaprofethi beprofetha noSamuweli emi phezu kwabo, uMoya kaNkulunkulu waba phezu kwezithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 19:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.


AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”


Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”


Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayoti eRama.”


Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ