Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 18:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 UDavide nabantu bakhe basuka baya kumaFilisti, babulala angama-200. UDavide waletha amajwabu awo; bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemganisela uMikhali, indodakazi yakhe, waba ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UDavide wazilungiselela, wahamba yena nabantu bakhe, wabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu amabili; uDavida waletha amajwabu awo, basebenika inkosi indaba zonke, ukuze abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wamnika uMikhali indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 18:27
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.”


UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”


UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.


Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali.


Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.”


USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.


Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ