Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 18:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawa mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula kuwe ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu mina ngithiwe ngimpofu nomncane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 18:23
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”


Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.


Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.


UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?”


USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: “Wakhuluma kanjalo uDavide.”


USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ