Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 14:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.” Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

33 Abanye base bembikela uSawule, bathi: “Uyabona-ke, abantu sebonile kuSimakade badla okunegazi.” Wathi uSawule: “Nenze kabi, ngakho-ke namuhla gingqelani kimi itshe elikhulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Base bemtshela uSawule lokho, bathi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla igazi.” Wathi: “Nenile; gingqela itshe elikhulu kimi namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 14:33
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.


Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.


Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.


Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.


Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.


Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ