Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 14:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kepha uJonathani akalalelanga lapho uyise eyala abantu; ngakho welula isihloko sodondolo olusesandleni sakhe, walucwilisa ekhekhebeni lezinyosi, wasibeka isandla sakhe emlonyeni wakhe; lamehlo akhe akhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 14:27
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.


Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.


Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: “Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: ‘Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla.’ Abantu babephelile amandla.”


Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.


USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.” UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.”


bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ