Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 13:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 USamuweli wambuza, wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Kuthe ukuba ngibone ukuthi abantu sebeyahlakazeka, bayangishiya, nokuthi nawe awufiki ngesikhathi obusinqumile, namaFilisti abuthene eMikhimashi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 USamuweli wasesithi: Wenzeni? USawule wayesethi: “Ngokuba ngibonile ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi anifikanga ngezinsuku ezimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthana eMigimasi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 13:11
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


UJowabe wayeseya enkosini, wathi: “Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?


Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?” Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”


liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”


OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.


USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ