Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 USawule wathi kuyisekazi: “Usitshelile impela ukuthi izimbongolo zitholakele.” Kepha akamtshelanga indaba yobukhosi akhuluma ngayo uSamuweli kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 USawuli wasesithi kuyisekazi: Usitshele ngokucacileyo ukuthi izimbongolo zitholakele. Kodwa indaba yombuso uSamuweli akhuluma ngayo, kamtshelanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 10:16
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.” UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.”


Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.


Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.


isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;


UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.


Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.


Uyisekazi kaSawule wathi: “Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?”


Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?”


Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu – yadlula-ke – kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ