Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 1:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Eseyilunyulile wahamba naye, kanye nezinkunzi ezintathu ne-efa likafulawa nesaka lewayini, wamyisa endlini kaJehova eShilo, umntwana esemncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 1:24
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.


Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ