Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 1:11
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”


UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


“Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?


Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,


U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.”


umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku.


“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side.


Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.


UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,


ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.


Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.


Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.”


Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;


ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.


U-Eli wabusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona.” Base bebuyela ekhaya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ