Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 3:9
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi.


Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.


Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.


Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu, abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.


Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.


Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.


Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.


Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.


Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.


kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ