Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 10:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 bonke badla kudla kunye komoya;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Bonke badla ukudla okufanayo komoya,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 10:3
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.


Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.


Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.


Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ