Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kuThimothewu 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kuThimothewu 4:12
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.


Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.


Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.


Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.


Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.


Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.


uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,


Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ