Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kuThimothewu 1:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Lo myalo ngiwunika wena Thimothewu, ndodana, ngokweziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe impi enhle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Lo myalo ngiwunika wena Thimothewu, ndodana, ngokweziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe impi enhle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kuThimothewu 1:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,


Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.


Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?


Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.


kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.


kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,


Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,


kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;


kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu.


ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ