Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 9:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Bonke ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango babengama-212. Babhalwa ngezizukulwane zabo emizaneni yabo. UDavide noSamuweli, umboni, bababeka ezikhundleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bonke laba ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango basemasangweni babengamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane zabo emadolobheni abo, uDavide noSamuweli umboni ababewabeka esikhundleni sabo kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 9:22
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nangezigaba zabapristi nezamaLevi, nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;


Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.”


Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,


no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa,


Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda.


UMatithiya, omunye wamaLevi, owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa amakhanzini.


Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.


Phansi kwakhe kwakungo-Edene, noMiniyamini, noJeshuwa, noShemaya, no-Amariya, noShekaniya emizini yabapristi ezikhundleni zabo ukuba babele abafowabo ngezigaba zabo abakhulu njengabancane,


Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.


KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ